Isaiah - Chapter 33

Verse 1: Wo kuwena ochithayo, kungachithwanga wena, nakuwe okhohlisayo, kungakhohliswanga wena! Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa, nalapho usugcine ukukhohlisa, uyakukhohliswa nawe.

Verse 2: Jehova, yiba nomusa kithi, sihlalela wena. Yiba yingalo yethu ekuseni njalo, nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.

Verse 3: Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka; ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.

Verse 4: Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi, nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.

Verse 5: UJehova uphakeme, ngokuba uhlala phezulu; uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.

Verse 6: Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho, ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.

Verse 7: Bheka, amaqhawe abo akhala ngaphandle; izithunywa zokuthula zikhala ngomunyu.

Verse 8: Imigwaqo iyize, izihambi seziphelile; isivumelwano saphuliwe; imizi ideleliwe; umuntu akanakekelewa.

Verse 9: Izwe liyalila, lidangele; iLebanoni linamahloni, liyabuna; iSharoni linjengehlane, iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa.

Verse 10: “Sengiyakuvuka,” usho uJehova; “sengiyakuphakama; sengiyakuphakanyiswa.

Verse 11: Niyakukhulelwa yizikhotha ezomileyo, nizale amabibi; ukuphefumula kwenu kungumlilo oniqothulayo.

Verse 12: Abantu bayakushiswa njengokushiswa komcako, njengameva anqunyiweyo ashiswa ngomlilo.”

Verse 13: Yizwani nina enikude engikwenzileyo; nani eniseduze, vumani amandla ami.

Verse 14: Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”

Verse 15: Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,

Verse 16: yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe, aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.

Verse 17: Amehlo akho ayakuyibona inkosi ebuhleni bayo, ayakubona izwe elelulekele kude.

Verse 18: Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi: “Uphi umbhali, uphi olinganisile intela, uphi obalile imibhoshongo na?”

Verse 19: Awuyikubona abantu abanobudlova, abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa, nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.

Verse 20: Kepha bheka iSiyoni, umuzi wemikhosi yethu; amehlo akho mawabuke iJerusalema, indlu yokuthula, itende elingayikususwa, elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini, nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa.

Verse 21: Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi, lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini, nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.

Verse 22: Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.

Verse 23: Izintambo zakho ziyaxega, azinakusiqinisa isiqu sensika yabo, azinakumeneka useyili; khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo; nezinyonga ziyakuthatha impango.

Verse 24: Abakhe khona abayikusho ukuthi: “Ngiyagula,” abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories