Verse 1: Duduzani, nibaduduze abantu bami, usho uNkulunkulu wenu.
Verse 2: Qungani iJerusalema isibindi, nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo, ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo.
Verse 3: Izwi liyamemeza lithi: “Lungisani ehlane indlela kaJehova, nihlelembe oqwathuleni umgwaqo kaNkulunkulu wethu.
Verse 4: Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa.
Verse 5: Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”
Verse 6: Izwi liyakhuluma lithi: “Memeza!” Ngathi: “Ngiyakumemezani na?” Inyama yonke ingutshani, bonke ubuhle bayo bunjengembali yasendle.
Verse 7: Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho. Impela abantu bangutshani.
Verse 8: Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, kepha izwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube phakade.
Verse 9: Khuphukela entabeni ende, wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho, wena Jerusalema obika okujabulisayo, uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”
Verse 10: Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla; ingalo yayo iyakumbusela; bhekani, umvuzo wayo inawo, inkokhelo yayo iphambi kwayo.
Verse 11: Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.
Verse 12: Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngezikalo namagquma ngezisindo, na?
Verse 13: Ngubani oqondisile uMoya kaJehova, wamfundisa engumluleki wakhe, na?
Verse 14: Walulekana nobani waze wamqondisa, wamfundisa indlela yokwahlulela, wamnika ukwazi, wamazisa indlela yokuqonda, na?
Verse 15: Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni, zibalwa njengothuli lwesilinganiso; bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.
Verse 16: ILebanoni alanele ukubaswa, nezilwane zalo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.
Verse 17: Zonke izizwe zinjengento engelutho phambi kwakhe, zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.
Verse 18: Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani, nimlinganise namuphi umfanekiso, na?
Verse 19: Yisithombe yini esibunjiwe yisisebenzi, sanamekwa ngegolide ngumkhandi, sancibilikiselwa amaketanga esiliva, na?
Verse 20: Ompofu kunokuba anikele ngomnikelo onjalo uyakhetha umuthi ongaboliyo, azifunele isisebenzi esihlakaniphileyo ukuba simise isithombe esibaziweyo esingenakuzanyazanyiswa.
Verse 21: Anazi yini? Anizwa yini? Anitshelwanga yini kwasekuqaleni, aniqondanga kwasekusekelweni komhlaba, na?
Verse 22: Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba — abakhile kuwo banjengezintethe — noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,
Verse 23: nowenza izikhulu zibe yinto engelutho, nabahluleli ukuba babe yize.
Verse 24: Yebo, banele ukutshalwa nje, yebo, banele ukuhlwanyelwa nje, yebo, isiqu sanele ukugxila emhlabathini, abesephephetha kubo, babune, isivunguvungu sibasuse njengamabibi.
Verse 25: “Niyakungifanisa nobani ukuba ngifane naye?” usho oNgcwele.
Verse 26: Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.
Verse 27: Usholoni wena Jakobe, ukhulumelani wena Israyeli, ukuthi: “Indlela yami isithekile kuJehova, ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami,” na?
Verse 28: Awazi yini? Awuzwanga na? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.
Verse 29: Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.
Verse 30: Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa,
Verse 31: kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.