Isaiah - Chapter 23

Verse 1: Isiprofetho ngeTire. Klewulani nina, Mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba lichithekile; indlu ayisekho, nokungena akusenakwenzeka; kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.

Verse 2: Thulani nina enakhileyo ngasogwini, nina abathengisi baseSidoni abanigcwalisile bedabula elwandle.

Verse 3: Emanzini amaningi imbewu yaseSihori nokuvuna kweNayile kwakuyinzuzo yalo; laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.

Verse 4: Yiba namahloni wena Sidoni, ngokuba lukhulumile ulwandle, inqaba yolwandle, ngokuthi: “Angibanga namihelo, angizalanga, angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi.”

Verse 5: Lapho kubikwa eGibithe, bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire.

Verse 6: Welani niye eTharishishi; klewulani nina enakhileyo ngasogwini.

Verse 7: Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo, ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo, owayiswa kude yizinyawo zawo ukuba uhlale khona, na?

Verse 8: Ngubani ocebe lokhu ngeTire eliqhelisayo, elibathengi balo bayizikhulu, nabahwebi balo bangabadumileyo bomhlaba, na?

Verse 9: NguJehova Sebawoti okucebileyo ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.

Verse 10: Dabula izwe lakho njengeNayile, ndodakazi yaseTharishishi; akusekho bhande.

Verse 11: Welulile isandla sakhe phezu kolwandle, wazamazamisa imibuso; uJehova uyalezile ngeKhanani ukuba kuchithwe izinqaba zalo.

Verse 12: Wathi: “Awusayikujabula wena ntombi ehlazisiweyo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKitimi; nalapho awuyikuthola ukuphumula.”

Verse 13: Bheka, izwe lamaKaledi, leso sizwe esingasekho, esanqunyelwa yi-Asiriya izilwane zasehlane, limisa imibhoshongo, lizenza ize izindlu zaso zamakhosi, lenza laba yincithakalo.

Verse 14: Klewulani nina mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba inqaba yenu ichithekile.

Verse 15: Kuyakuthi ngalolo suku iTire likhohlakale iminyaka engamashumi ayisikhombisa njengezinsuku zankosinye. Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa kuyakuba khona kulo iTire njengasesihlabelelweni sesifebe:

Verse 16: “Thatha ihabhu, uhambahambe emzini wena sifebe esikhohlakeleyo, ubethe kamnandi, uhlabelele izihlabelelo eziningi, ukuze ukhunjulwe.”

Verse 17: Kuyakuthi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa uJehova ahambele iTire, lona libuyele enzuzweni yalo, lifebe nayo yonke imibuso yezwe ebusweni bomhlaba.

Verse 18: Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories