Verse 1: Bheka, uJehova wenza ize umhlaba, awuchithe, agumbuqele ubuso bawo, ahlakaze abakhileyo kuwo.
Verse 2: Kuyakuthi njengakubantu kube njalo kumpristi, nanjengasencekwini kube njalo enkosini yayo, nanjengasencekukazini kube njalo enkosikazini yayo, nanjengakumthengi kube njalo kumthengisi, nanjengakotshelekayo kube njalo kobolekayo, nanjengakobiza inzalo kube njalo kokhokha inzalo.
Verse 3: Umhlaba uyakuba yize leze, uphangwe nokuphangwa, ngokuba uJehova ukhulumile izwi lakhe.
Verse 4: Umhlaba uyalila, ubune; izwe liyaphela amandla, linyamalale, abaphakemeyo bomhlaba badangale.
Verse 5: Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo, ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.
Verse 6: Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba, nabakhileyo kuwo batholiswa icala; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa, kusale abantu abayingcosana nje.
Verse 7: Iwayini elisha liyalila, umvini uyahhuma, bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.
Verse 8: Ukujabula kwezigubhu kunqamukile, ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile, nenjabulo yehabhu ikhawukile.
Verse 9: Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo; uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.
Verse 10: Umuzi oyihlane ubhidliziwe; zonke izindlu zivaliwe ukuba kungangeni muntu.
Verse 11: Kukhalwa ngewayini ezitaladini; yonke intokozo inyamalele; injabulo yezwe idlulile.
Verse 12: Emzini kusele incithakalo; isango livithiziwe, lachithwa.
Verse 13: Ngokuba kuyakuba njalo emhlabeni phakathi kwabantu, njengokushaywa kweminqumo nanjengokukhothoza, lapho sekuvuniwe.
Verse 14: Laba bayaphakamisa izwi labo, bamemeze; bajabula ngobukhosi bukaJehova entshonalanga.
Verse 15: Ngalokho mdumiseni uJehova empumalanga, nasogwini lolwandle igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
Verse 16: Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba, athi: “Udumo malube koLungileyo!” Kepha mina ngithi: “Ngifile, ngifile! Maye kimi!” Abakhohlisi bakhohlisile, yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.
Verse 17: Ukwesaba, nomgodi, nogibe kuphezu kwakho wena owakhileyo emhlabeni.
Verse 18: Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesaba awele emgodini; okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe, ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe, nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.
Verse 19: Umhlaba uyaphuka nokwaphuka, umhlaba uyavithizwa nokuvithizwa, umhlaba uyazanyazanyiswa nokuzanyazanyiswa.
Verse 20: Umhlaba uyatengezela nokutengezela njengesidakwa, uyantengantenga njengexhiba; isiphambeko siyakuba nzima phezu kwawo, uwe, ungabe usavuka futhi.
Verse 21: Kuyakuthi ngalolo suku uJehova ahambele ibandla lasezulwini phezulu, namakhosi omhlaba emhlabeni.
Verse 22: Bayakubuthelwa ndawonye njengeziboshwa zibuthelwa emgodini, bavalelwe etilongweni, bajeziswe emva kwezinsuku eziningi.
Verse 23: Inyanga ekhazimulayo isiyakuyangaza, nelanga elinkemuzelayo liyakujabha, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuba yinkosi entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, abe yinkazimulo phambi kwamalunga akhe.