Verse 1: Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona, bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni, ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni.
Verse 2: Nokho naye uhlakaniphile, uyakuletha okubi; akayikubuyisa amazwi akhe, kepha uyakuvukela indlu yababi nosizo lwabenza okubi.
Verse 3: AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, amahhashi abo ayinyama, awasiwo umoya, nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe uyakukhubeka naye osizayo, kuwe naye osizwayo, baphele bonke kanyekanye.
Verse 4: Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi: “Njengengonyama ebhongayo, ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo, lapho abelusi abaningi belibizelwe, aliyikwesaba izwi labo, lingazithobi ngomsindo wabo, kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehla ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.
Verse 5: Njengezinyoni ezindizayo kanjalo uJehova, uJehova Sebawoti, uyakulivikela iJerusalema; uyakulivikela, alophule, alidlule, alikhulule.”
Verse 6: Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli.
Verse 7: Ngokuba ngalolo suku bayakulahla, kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu.
Verse 8: “I-Asiriya liyakuwa ngenkemba, kungengamuntu, nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda; liyakubalekela usiko lwenkemba, kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo.
Verse 9: Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo, nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela,” usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.