Verse 1: Thumani amawundlu ombusi wezwe aphume eSela ngasehlane, aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni.
Verse 2: Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo, njengamaphuphu ahlakazekileyo, abe njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni ase-Arinoni.
Verse 3: “Lulekanani, nenze izinqumo, ubeke isithunzi sakho njengobusuku phakathi kwemini, nithukuse abaxoshiweyo, ningadaluli ababalekileyo.
Verse 4: Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe; mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi.” Lapho umcindezeli esephelile, nokuchitha sekuyekiwe, nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,
Verse 5: kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa, kuhlale kuso ngeqiniso etendeni likaDavide umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.
Verse 6: Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhe nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.
Verse 7: Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi; bonke bayakuklewula. Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo zaseKhiri Haresheti nidabukile kakhulu.
Verse 8: Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunile kanye nomvini waseSibima; amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo; afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.
Verse 9: Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibima njengokukhala kweJazeri, ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami, nawe Elehale, ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakho kuwile ukumemeza kwempi.
Verse 10: Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini; nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa; abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngenze ukuba kuphele ukumemeza.
Verse 11: Ngalokho inhliziyo yami iyakhala njengehabhu ngoMowabi, nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.
Verse 12: Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala, azikhathaze endaweni ephakemeyo, aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze, angaphumeleli.
Verse 13: Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi.
Verse 14: Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: “Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.”