Verse 1: Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho, yaklebhula izingubo zayo, yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.
Verse 2: Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.
Verse 3: Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: Lolu suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.
Verse 4: Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.”
Verse 5: Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya,
Verse 6: u-Isaya wathi kuzo: “Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo.
Verse 7: Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”
Verse 8: Wayesebuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.
Verse 9: Kepha isizwile ngoTirahaka, inkosi yaseKushe, ukuthi: “Uphumile ukulwa nawe,” lapho ikuzwa lokho, yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi:
Verse 10: “Niyakukhuluma kanje kuHezekiya, inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.
Verse 11: Bheka, wena uzwile okwenziwa ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?
Verse 12: Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba, iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene ababeseThelasari bazophula na?
Verse 13: Iphi inkosi yaseHamati, nenkosi yase-Aripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, nase-Iva na?”
Verse 14: UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.
Verse 15: UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi:
Verse 16: “Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phezu kwamakherubi, wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.
Verse 17: Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.
Verse 18: “Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe zonke namazwe azo,
Verse 19: alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.
Verse 20: Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”
Verse 21: U-Isaya indodana ka-Amose wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokhu ukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya,
Verse 22: nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi: “Ikudelele, yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.
Verse 23: Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!
Verse 24: Ngesandla sezinceku zakho uyijivazile iNkosi, wathi: ‘Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeni ngaphakathi kweLebanoni; ngigawula imisedari yalo emide nemisayipuresi yalo ekhethekileyo ngangena ekuphakameni kwalo kokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.
Verse 25: Ngemba, ngaphuza amanzi; ngomisa ngamathe onyawo lwami yonke imifula yaseGibithe.’
Verse 26: “Awuzwanga ukuthi kade ngakwenza na? Emihleni yasendulo ngakunquma; manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe yizinqwaba.
Verse 27: Abakhe kuyo babe namandla amancane, besaba, bajabha; baba njengotshani basendle, nembali notshani obuluhlaza, nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu, namabele ahamukile engakakhuli.
Verse 28: “Kepha ukuhlala kwakho, nokuphuma kwakho, nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.
Verse 29: Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami, nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.
Verse 30: “Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe: “Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane, nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.
Verse 31: Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyo bayakubuye bagxile phansi, bathele izithelo phezulu.
Verse 32: Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.
Verse 33: “Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi: “Ayiyikungena kulo muzi, ayiyikucibishela mcibisholo khona; ayiyikubhekisa kuwo isihlangu, ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.
Verse 34: Indlela eyafika ngayo iyakubuya ngayo; ayiyikungena kulo muzi,” usho uJehova.
Verse 35: “Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.”
Verse 36: Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.
Verse 37: Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.
Verse 38: Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri amadodana akhe bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.