Isaiah - Chapter 18

Verse 1: Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphiko eliphesheya komfula waseKushe,

Verse 2: elithuma izigijimi ngolwandle nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi. Hambani nina zithunywa ezinejubane, niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo, kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula.

Verse 3: Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlabeni bhekani, lapho ibhanela liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa.

Verse 4: Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi: “Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami, njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga, njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”

Verse 5: Ngokuba kungakafiki ukuvuna, nokukhahlela sekuphelile, nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo, uyakunquma amahlumela ngawocelemba, awasike amagatsha, awasuse.

Verse 6: Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeni nawezilwane zasemhlabeni; amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo, nazo zonke izilwane zomhlaba ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.

Verse 7: Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawoti yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo, sivela kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula, endaweni yegama likaJehova Sebawoti, intaba yaseSiyoni.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories