Isaiah - Chapter 59

Verse 1: Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.

Verse 2: Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba angezwa. .

Verse 3: Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi, neminwe yenu ububi; izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.

Verse 4: Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.

Verse 5: Bachamisela amaqanda ebululu, baluka ubulembu bolwembu; odlayo amaqanda abo uyafa, okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.

Verse 6: Ubulembu babo abuyikuba yizingubo, futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo; isenzo sendluzula sisezandleni zabo.

Verse 7: Izinyawo zabo zigijimela ebubini, bashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yobubi; incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.

Verse 8: Indlela yokuthula abayazi, nokwahlulela akukho emikhondweni yabo; bazenzele izindlela eziyisigwegwe, bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.

Verse 9: Ngalokho ukwahlulela kukude nathi, nokulunga akusifumani; sihlalela ukukhanya, kepha bheka, ubumnyama; silindela imini, kepha sihamba ekuhlweni.

Verse 10: Siphuthaza udonga njengempumputhe, yebo, siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini njengasekuhweleleni; phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo.

Verse 11: Siyagwavuma sonke njengamabhere, siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.

Verse 12: Ngokuba iziphambeko zethu zandile phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nokona kwethu siyakwazi:

Verse 13: ukuphambuka nokumphika uJehova, nokumhlubuka uNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokwambuka, nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni.

Verse 14: Ukwahlulela kubuyiselwa emuva, nokulunga kumi kude, ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abunakungena.

Verse 15: Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango; uJehova wakubona lokho, kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.

Verse 16: Wabona ukuthi akukho muntu, wamangala ukuthi wayengekho omelayo; yayisimsindisa ingalo yakhe, nokulunga kwakhe kwamphasa.

Verse 17: Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha, wazembesa ukushisekela njengengubo.

Verse 18: Njengokwenza kwabo, kanjalo uyakubaphindisela: ukufutheka kuzo izitha zakhe, nokwenza kwabo kwabamelene naye, abuyisele eziqhingini izenzo zazo.

Verse 19: Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga, nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova.

Verse 20: “Kepha uyakufika eSiyoni engumhlengi, nakulabo abakwaJakobe ababuya eziphambekweni,” usho uJehova.

Verse 21: “Mina-ke, lokhu kuyisivumelwano sami nabo,” usho uJehova, “sokuthi umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho,” usho uJehova, “kusukela manje kuze kube phakade.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories