Isaiah - Chapter 5

Verse 1: Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo wami ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivundile kakhulu;

Verse 2: wasimba, wakhipha amatshe aso, wasitshala ngomvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, kepha saveza izithelo zasendle.

Verse 3: “Manje nina enakhileyo eJerusalema namadoda akwaJuda, ake nahlulele phakathi kwami nesivini sami.

Verse 4: Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na? Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, saveza izithelo zasendle, na?

Verse 5: Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.

Verse 6: Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”

Verse 7: Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo; wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.

Verse 8: Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu, besondeza insimu nensimu, kuze kungabe kusaba khona indawo, kwakhe nina nodwa emhlabeni!

Verse 9: UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: “Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.

Verse 10: Ngokuba ama-eka ayishumi esivini ayakuthela ibhati elilodwa, nehomere lembewu liyakuthela i-efa nje.”

Verse 11: Wo kubona abavuka ekuseni, ukuze balandele uphuzo olunamandla, balibale kuze kuhlwe, bashe iwayini!

Verse 12: Ihabu nogubhu, isigubhu negenkle, newayini kukhona emadilini abo, kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.

Verse 13: Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi, nabadumileyo babo bayalamba, nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.

Verse 14: Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo, yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo; kwehlela kuyo amakhosi abo, nesixuku sabo esixokozelayo, kanye nabajabulayo phakathi kwabo.

Verse 15: Abantu bayafoliswa, namadoda ayathotshiswa, namehlo abaziphakamisayo ayathotshiswa,

Verse 16: kepha uJehova Sebawoti uphakeme ekwahluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.

Verse 17: Amawundlu ayakuklaba njengasemadlelweni awo, nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.

Verse 18: Wo kubona abadonsa ukona ngezintambo zamanga, nezono kungathi ngamagoda ezinqola,

Verse 19: abasho ukuthi: “Makaphuthume, asheshise umsebenzi wakhe ukuba siwubone, kusondele isiluleko soNgcwele ka-Israyeli, sifike ukuba sisazi!”

Verse 20: Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle, nokuhle ukuthi kungububi, ababeka ubumnyama bube ngukukhanya, nokukhanya kube ngubumnyama, babeke nokubabayo kube ngubumtoti, nobumtoti bube ngokubabayo!

Verse 21: Wo kubona abahlakaniphile emehlweni abo nabaqondile ekuboneni kwabo!

Verse 22: Wo kubona abangamaqhawe ngokuphuza iwayini namadoda anamandla ngokuxubanisa uphuzo olunamandla,

Verse 23: abathetha ababi ngenxa yemivuzo, basuse ukulunga kwabalungileyo!

Verse 24: Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika elangabini, impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu, ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.

Verse 25: Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe; welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya; izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucumfucu phakathi ezitaladini; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.

Verse 26: Uyakuphakamisela isizwe esikude ibhandela, asihlabele ikhwelo ekugcineni komhlaba; bheka, uyeza masinyane ngejubane.

Verse 27: Akakho oyakukhathala, akhubeke kuso; akakho oyakozela, alale; ibhande lezinkalo zabo aliyikuthukuluka, nomchilo wezicathulo zabo awuyikugqabuka,

Verse 28: bona abamicibisholo yabo ibukhali, nayo yonke iminsalo yabo insaliwe; izinyawo zamahhashi abo ziyakubalwa njengensengetsha, namasondo abo njengesivunguvungu.

Verse 29: Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyamakazi, bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi, yebo, bayakugwavuma, babambe impango yabo, bamuke nayo, kungekho oyophulayo.

Verse 30: Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suku njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, bheka, naso isigayegaye sobumnyama, nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories