Verse 1: Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe.
Verse 2: Luyakukhahlela kahle, luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.
Verse 3: Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo.
Verse 4: Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.”
Verse 5: Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu.
Verse 6: Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi.
Verse 7: Isihlabathi esibengezelayo siyakuba yichibi, isigagadu sibe yimithombo yamanzi; ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khona kuyakuba khona igceke lomhlanga nekhwani.
Verse 8: Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.
Verse 9: Akuyikuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona; lokho akuyikufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.
Verse 10: Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.