Verse 1: Isiprofetho ngesiGodi Sombono. Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonke ophahleni lwezindlu
Verse 2: wena muzi ogcwele ukumemeza, oxokozelayo, muzi othokozayo, na? Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba, kabafelanga empini.
Verse 3: Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye, zaboshwa ngaphandle kweminsalo; zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye, noma zazibalekele kude.
Verse 4: Ngalokho ngathi: “Ningangibheki, ngiyakukhala ngomunyu; ningazami ukungiduduza ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”
Verse 5: Ngokuba kulusuku lokukhathazeka, nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka, oluvela eNkosini uJehova Sebawoti esiGodini Sombono kanye nokudilizwa kwezingange nokumemeza ezintabeni.
Verse 6: I-Elamu lathwala isambo phakathi kwezinqola, nabantu, namahhashi, neKhiri lambula isihlangu.
Verse 7: Kwathi izigodi zakho ezikhethekileyo zagcwala izinqola, nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.
Verse 8: Wasisusa isimbozo kwaJuda; wena wabheka ngalolo suku izikhali zasendlini yehlathi.
Verse 9: Nabona imifantu emzini kaDavide ukuthi yayiminingi, nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.
Verse 10: Nazibala izindlu zaseJerusalema, nazidiliza izindlu ukuba niluqinise ugange.
Verse 11: Futhi nenzela amanzi echibi elidala umgodi phakathi kwezingange zombili, kepha anibhekanga kumenzi walokho, animnakanga okade wakunquma.
Verse 12: Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabizela ukukhala, nokulila, nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,
Verse 13: kepha bheka, nakhu ukujabula, nokuthokoza, nokubulala izinkabi, nokuhlaba izimvu, ukudla inyama nokuphuza iwayini, ngokuthi: “Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.”
Verse 14: Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.
Verse 15: Isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: “Hamba uye kuleyo nduna uShebina ophezu kwendlu, uthi:
Verse 16: ‘Wenzani lapha, futhi unobani lapha ukuba uziqophele lapha ithuna na? Uziqophela ithuna lakhe phezulu, uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!’
Verse 17: “Bheka, uJehova uyakukulahla njengalokhu umuntu elahla, abambe nokubamba.
Verse 18: Uyakukuthandela nokukuthandela njengokuthandelweyo, akulahle njengegabade ezweni elibanzi. Uyakufela khona, lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakho wena hlazo lendlu yenkosi yakho.
Verse 19: Ngiyakukuhlohloloza esikhundleni sakho, ngikuwise endaweni yakho.
Verse 20: “Kuyakuthi ngalolo suku ngiyibize inceku yami u-Eliyakimi indodana kaHilikiya;
Verse 21: ngiyakumembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe, abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.
Verse 22: Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu.
Verse 23: Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise.
Verse 24: Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise, inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.
Verse 25: “Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka, sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe,” ngokuba uJehova ukhulumile.