Isaiah - Chapter 57

Verse 1: Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini,

Verse 2: angene ekuthuleni; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.

Verse 3: “Kepha sondelani nina madodana abahlola imihlola, inzalo yomphingi neyesifebe.

Verse 4: Nidlala nobani, nikhamisela bani umlomo, ninyalizela bani, na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,

Verse 5: nina enisha phakathi kwama-oki phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?

Verse 6: Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini; wona yiwo angawenkatho yakho; nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa, wenza umnikelo wempuphu. Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?

Verse 7: Entabeni ende nephakemeyo uwubekile umbhede wakho; futhi wakhuphukela khona ukunikela ngomhlatshelo.

Verse 8: Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika, wazambulela omunye kunami, wakhwela embhedeni, wawandisa, wavumelana nabo, wayithanda imibhede yabo, wazibonelela indawo.

Verse 9: Waya kuMoloki uphethe amafutha, wawandisa amakha akho; wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.

Verse 10: Wakhathala ngobude bendlela, kepha awushongo ukuthi: ‘Kuyize.’ Wathola amandla aneleyo, ngalokho awuphelanga amandla.

Verse 11: “Washaywa luvalo ngobani, wamesaba, waze waqamba amanga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?

Verse 12: Mina ngiyakumemezela ukulunga kwakho nemisebenzi yakho; kepha akuyikukusiza.

Verse 13: Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikophule, kepha umoya uzakuzisusa zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.”

Verse 14: Kuyakuthiwa: “Hlelani, hlelani, nilungise indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”

Verse 15: Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.

Verse 16: Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade, angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami, leyo miphefumulo engiyenzileyo.

Verse 17: Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.

Verse 18: Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,

Verse 19: ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi: Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova; “ngiyakumphilisa.”

Verse 20: Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo, ngokuba alunakuphumula, namanzi alo akhipha udaka nobishi.

Verse 21: “Akukho ukuthula kwababi,” usho uNkulunkulu wami.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories