Verse 1: UJehova wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.
Verse 2: Ngazifakazisela ofakazi abaqinisileyo, u-Uriya umpristi noZakariya indodana kaJeberekiya.”
Verse 3: Ngase ngiya kumprofethikazi; wakhulelwa, wazala indodana. Wayesethi uJehova kimi: “Biza igama layo ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.
Verse 4: Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame, kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.”
Verse 5: UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi:
Verse 6: “Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane, bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya,
Verse 7: ngalokho bheka, iNkosi iyabakhuphulela amanzi omfula anamandla namaningi — yinkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo — ukhuphuke phezu kwazo zonke izingu zawo, weqe nazo zonke izindonga zawo,
Verse 8: utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”
Verse 9: Bhevani nina zizwe, niyakuphela amandla nokho; bekani indlebe nina mazwe onke akude: zibhinceni, kepha niyakudangala, yebo, zibhinceni, niyakuphela amandla nokho.
Verse 10: Lulekanani nokululekana, kepha kuyakuchithwa; khulumani izwi, kodwa aliyikuma, ngokuba uNkulunkulu unathi.
Verse 11: Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:
Verse 12: “Ningasho ukuthi kuluzungu konke abakushoyo laba bantu ukuthi kuluzungu, ningesabi abakwesabayo, nibe novalo ngakho.
Verse 13: UJehova Sebawoti, mngcweliseni yena, kube nguye enimesabayo, yebo, kube nguye eninovalo ngaye.
Verse 14: Uyakuba ngokungcwele, futhi abe yitshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli, abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.
Verse 15: Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka, bawe, baphuke, bacushwe, babanjwe.”
Verse 16: Bopha ubufakazi, uwunamathelise umthetho phakathi kwabafundi bami.
Verse 17: Ngiyakumlindela uJehova ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngethembe kuye.
Verse 18: Bheka, mina, nabantwana uJehova anginike bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuJehova Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.
Verse 19: Lapho bethi kini: “Funani kwabanamadlozi nakubathakathi” ababetha imilozi, banyenyeze pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?
Verse 20: Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.
Verse 21: Bayakudabula izwe bexinekile, belambile; kuyakuthi lapho belamba, bavuke ulaka, bathuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, babheke phezulu.
Verse 22: Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.