Verse 1: “Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova, “abenza iziluleko, kungengezami nokho, nabenza isivumelwano, kungengesomoya wami kodwa, ukuze bengeze isono esonweni,
Verse 2: abahamba ukuba behlele eGibithe, bengacelanga emlonyeni wami, baziqinise emandleni kaFaro, baphephele emthunzini waseGibithe!
Verse 3: Ngalokho amandla kaFaro ayakuba ngamahloni kini, ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithe kube ngukudumala kini.
Verse 4: Ngokuba noma izikhulu zakhe ziseSowani, nezithunywa zakhe zifinyelela eHanesi,
Verse 5: bonke bayakuba namahloni ngabantu abangenakubasiza, abangenansizakalo nanzuzo, kepha bengamahloni nehlazo kuphela.”
Verse 6: Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu. Badabula izwe losizi nelokuhlupheka, lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi, ibululu nenyoka endizayo, bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolo nengcebo yabo phezu kwamalunda amakamela bakuyise kubantu abangenansizakalo.
Verse 7: IGibithe lisiza ngeze nangento engelutho; ngalokho ngilibize ngokuthi iRahabi elihlezi lithule.
Verse 8: Manje hamba ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukubhale encwadini ukuba kube ngubufakazi besikhathi esizayo kuze kube phakade.
Verse 9: Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,
Verse 10: abathi kubaboni: “Ningabe nisabona,” nakubaprofethi: “Ningasiprofetheli okuqinisileyo, kepha khulumani kithina okuthophayo, niprofethe inkohliso;
Verse 11: phambukani endleleni, nichezuke emkhondweni, nimdedisele kithi oNgcwele ka-Israyeli.”
Verse 12: Ngalokho usho kanje oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Njengokuba nilidelela leli zwi, nethemba kukho ukucindezela nakukho okuphambeneyo, nencike kukho,
Verse 13: ngalokho lobu bubi buyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa, kuvokomele ogangeni oluphakemeyo, ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.
Verse 14: Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi, esichotshozwa singahawukelwa, kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephu nodengezi lokuthatha umlilo eziko, nolokucakula amanzi emgodini.”
Verse 15: Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.
Verse 16: Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngalokho niyakubaleka: ‘Sikhwele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.
Verse 17: Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa; ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe njengensika esiqongweni sentaba nanjengebhanela phezu kwegquma.”
Verse 18: Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.
Verse 19: Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.
Verse 20: Noma iNkosi iyakukunika isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi bakho abasayikucasha, kodwa amehlo akho ayakubabona abafundisi bakho,
Verse 21: nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.
Verse 22: Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: “Suka lapha.”
Verse 23: Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.
Verse 24: Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyakudla ukudla okuyolisiweyo, okweliweyo ngefosholo nangembenge.
Verse 25: Kuzo zonke izintaba eziphakemeyo nakuwo onke amagquma amade kuyakuba khona imifula nemifudlana yamanzi ngosuku lokuhlaba okukhulu, lapho kuyakuwa imibhoshongo.
Verse 26: Futhi ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuyakuphindwa kasikhombisa njengokukhanya kwezimini eziyisikhombisa ngosuku uJehova abopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda zemivimbo yabo.
Verse 27: Bheka, igama likaJehova livela kude, livutha ngolaka lwakhe, linzima ngamafu; izindebe zakhe zigcwele intukuthelo, nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;
Verse 28: ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo, uze ufinyelele entanyeni, ukuhlunga izizwe ngesihlungo sokubhubhisa; itomu elidukisayo liyakuba semihlathini yezizwe.
Verse 29: Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshingo kuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.
Verse 30: UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo, abonakalise ukwehla kwengalo yakhe ngokuvutha kolaka lwakhe, nangelangabi lomlilo oqothulayo, ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.
Verse 31: Ngokuba ngezwi likaJehova i-Asiriya liyakushaywa luvalo, lapho elishaya ngenduku.
Verse 32: Kuyakuthi njalo lapho induku enqunyiweyo idlula, uJehova ayibeka phezu kwalo, kube ngezigubhu nangamahabhu, alwe nalo ngengalo enikiniweyo.
Verse 33: Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.