Verse 1: Sengathi ungadabula amazulu, wehle, zizamazame izintaba phambi kwakho
Verse 2: njengokuphenjwa komlilo ezinsabeni, nalapho umlilo ubilisa amanzi, ukuze wazise izitha zakho igama lakho, izizwe zithuthumele phambi kwakho.
Verse 3: Ekwenzeni kwakho okwesabekayo esingakubhekanga wehla; izintaba zathuthumela phambi kwakho.
Verse 4: Kusukela endulo abantu abezwanga, abacoshanga nangendlebe, futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho osebenzela omhlalelayo.
Verse 5: Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela, thina sona; sahlala kukho nasendulo; siyakusindiswa na?
Verse 6: Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga, nobubi bethu basisusa njengomoya.
Verse 7: Kwakungekho owalibiza igama lakho, owazivusela ukubambelela kuwe, ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
Verse 8: Kepha manje, Jehova, unguBaba; thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu, singumsebenzi wesandla sakho sonke.
Verse 9: Ungathukutheli kakhulu, Jehova, ungakhumbuli njalo ububi. Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.
Verse 10: Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane; iSiyoni liphendukile ihlane, neJerusalema liyincithakalo.
Verse 11: Indlu yethu engcwele nemangalisayo, lapho obaba babekudumisa khona, ishisiwe ngomlilo, nazo zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo.
Verse 12: Ungazibamba kukho konke lokhu, Jehova? Ungathula, uze usihluphe kangaka, na?