Isaiah - Chapter 60

Verse 1: “Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza; inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.

Verse 2: Ngokuba bheka, ubumnyama buyasibekela umhlaba, nesigayegaye abantu; kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.

Verse 3: Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho, namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.

Verse 4: “Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone; babuthana bonke, beza kuwe; amadodana akho ayakuvela kude, namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.

Verse 5: Khona uyakubona, ukhazimule; inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke, ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe, nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.

Verse 6: Ubuningi bamakamela buyakukusibekela, amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa; bonke abaseSheba bayakuza, balethe igolide nenhlaka, bamemezele izindumiso zikaJehova.

Verse 7: Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe, nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza, zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami, ngiyidumise indlu yodumo lwami.

Verse 8: “Ngobani laba abandiza njengefu, nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na?

Verse 9: Iziqhingi ziyangihlalela, imikhumbi yaseTharishishi kuqala, ukuletha amadodana akho evela kude, enesiliva negolide lawo kulo igama likaJehova uNkulunkulu wakho nakoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba uyakudumisa.

Verse 10: “Abezizwe bayakuzakha izingange zakho, amakhosi abo akukhonze; noma ngakushaya ngentukuthelo yami, sengiyakuhawukela ngomusa wami.

Verse 11: Amasango akho ayakuvuleka njalo, awayikuvalwa imini nobusuku, ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe, amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.

Verse 12: Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela; yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.

Verse 13: “Inkazimulo yaseLebanoni iyakuza kuwe, umsayipuresi, nomthidari, nomkhoba kanyekanye, ukuyihlobisa indawo yendlu yami engcwele, ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.

Verse 14: Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.

Verse 15: “Esikhundleni sokuba ushiywe, uzondwe, kungabe kusabakho muntu odabulayo, ngiyakwenza isivunulo esiphakade nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.

Verse 16: Uyakuncela ubisi lwezizwe, uncele namabele amakhosi; uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.

Verse 17: Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide, nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva; esikhundleni somuthi ithusi, nasesikhundleni samatshe insimbi, ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho, nokulunga kube ngababusi bakho.

Verse 18: Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho, kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso, namasango akho ngokuthi iNdumiso.

Verse 19: Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini, nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku; uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.

Verse 20: Ilanga lakho alisayikushona, nenyanga yakho ayisayikuncipha, ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.

Verse 21: Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuba ngidunyiswe.

Verse 22: Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories