Verse 1: Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, ababeke ezweni lakubo; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo, banamathele endlini kaJakobe.
Verse 2: Abantu bayakubathatha, babayise ezindaweni zabo; indlu yakwa-Israyeli iyakubenza ifa ezweni likaJehova, babe yizinceku nezincekukazi, babathumbe labo abakade bethunjiwe yibo, babuse phezu kwabacindezeli babo.
Verse 3: Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo,
Verse 4: uphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele, uthi: “Yeka ukuphela komcindezeli nokugcina kokubhensa!
Verse 5: UJehova waphulile udondolo lwababi nentonga yababusi
Verse 6: eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo, eyabusa izizwe ngolaka ngokuzingela okunganqandwanga.
Verse 7: Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula; baqhumuka ngokuhlabelela.
Verse 8: Yebo, nemisayipuresi ithokoza ngawe, kanye nemisedari yaseLebanoni, ngokuthi: ‘Selokhu walaliswa phansi, akakho umgawuli okhuphukela kithina.’
Verse 9: Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi, zonke izikhulu zomhlaba, isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.
Verse 10: Onke ayakuthatha athi kuwe: Nawe usubuthakathaka njengathi, usufana nathi, na?
Verse 11: Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo, umsindo wezingubhu zenu; izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela.
Verse 12: “Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe.
Verse 13: Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho.
Verse 14: Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu, ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’
Verse 15: Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi.
Verse 16: “Abakubonayo bayakugqolozela, bakuqaphele, bathi: ‘Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso,
Verse 17: owenza izwe laba yihlane, wayichitha imizi yalo, akavumela iziboshwa zakhe ukuba zigoduke, na?’
Verse 18: Onke amakhosi ezizwe, onke alala ngodumo, yileyo naleyo endlini yayo.
Verse 19: Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abahlatshwe yinkemba, abehlela ematsheni omgodi njengesidumbu esinyathelweyo.
Verse 20: Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni, ngokuba uchithile izwe lakho, wabulala abantu bakho; inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade.
Verse 21: Lungiselani abantwana bakhe ukubulawa ngobubi bawoyise, ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba, bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.”
Verse 22: “Ngiyakubavukela,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume eBabele igama, nensali, nendodana, nomzukulwana,” usho uJehova.
Verse 23: “Ngiyakulenza libe yifa likanondwebu namachibi amanzi, ngilishanele ngomshanelo wencithakalo,” usho uJehova Sebawoti.
Verse 24: UJehova Sebawoti ufungile, wathi: “Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo, nanjengokunquma kwami kuyakuma kanjalo
Verse 25: ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami, ngimnyathele phansi ezintabeni zami; bese lisuka kubo ijoka lakhe, nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”
Verse 26: Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke; yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke.
Verse 27: Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile; ngubani ongakuchitha na? Isandla sakhe singeseluliweyo; ngubani ongasibuyisa na?
Verse 28: Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi kwavela lesi siprofetho.
Verse 29: Ungathokozi wena Filistiya lonke ngokuthi intonga ekushayileyo yaphukile, ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu, nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo.
Verse 30: Amazibulo abampofu ayakuklaba, nabaswelayo bayakulala belondekile; ngiyakubulala impande yakho ngendlala, nensali yakho iyakubhujiswa.
Verse 31: Klewula wena sango, dazuluka wena muzi, phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba enyakatho kuvela umusi; akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.
Verse 32: Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na? Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni; abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.