Isaiah - Chapter 34

Verse 1: Sondelani nina zizwe, nizwe, nilalele nina bantu: makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.

Verse 2: Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke, ufuthekela yonke impi yazo; uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni.

Verse 3: Ababuleweyo bazo balahliwe, nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo; izintaba zincibilika ngegazi labo.

Verse 4: Ibandla lonke lasezulwini liyaphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini nanjengokubunileyo emkhiwaneni.

Verse 5: Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.

Verse 6: UJehova unenkemba; igcwele igazi, inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uJehova uyanikela eBosira, unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.

Verse 7: Izinyathi ziwa kanye nazo, nezinkunzana kanye nezinkunzi; izwe labo liyakugcwala igazi, nothuli lwabo luyakunona ngamanoni.

Verse 8: Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova; ngumnyaka wokubuyisela ngendaba yaseSiyoni.

Verse 9: Imifudlana yakhona iyakuphenduka ikolitayi, uthuli lwakhona lube yisibabule, nezwe langakhona libe yikolitayi elivuthayo.

Verse 10: Aliyikucinywa ubusuku nemini; umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade; izizukulwane ngezizukulwane liyakuba yize, akuyikulidabula muntu nanini nanini.

Verse 11: Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu, kwakhe kulo isikhova negwababa; uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo, nomthofu wokumisa wokuyize.

Verse 12: Phakathi kwabakhulu balo akakho oyakumemezela umbuso, nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.

Verse 13: Ameva ayakukhuphukela ezindlini zamakhosi, izimbabazane namakhakhasi ezinqabeni zalo, libe yikhaya lamakhanka negceke lezintshe.

Verse 14: Izilwane zasehlane ziyakuhlangana nezimpungushe, nedemoni liyakukhala kumngane walo, kwakhe khona umkhovu, uzitholele indawo yokuphumula.

Verse 15: Lapho umantshingeyana uyakwakha ikhaya lakhe, azalele, achamisele, afukame ngomthunzi wakhe, kubuthane khona nawonhloyile, kube yilowo nalowo nomngane wakhe.

Verse 16: Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu, ayikho eyakuswela umngane wayo, ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile, nomoya wakhe okuhlanganisile.

Verse 17: Nguye okwenzele inkatho; yisandla sakhe esikwabele ngentambo; kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade, izizukulwane ngezizukulwane kuyakuhlala kulo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories