Verse 1: Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.
Verse 2: Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.
Verse 3: Kepha uJehova wathi ku-Isaya: “Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,
Verse 4: usho kuye ukuthi: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.
Verse 5: Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi:
Verse 6: “Masikhuphukele kwelakwaJuda, silikhathaze, sizinqobele lona, sibeke inkosi phakathi kwalo, indodana kaThabeyeli,”
Verse 7: ngalokho isho iNkosi uNkulunkulu, ithi: “ ‘Akuyikuma, futhi akuyikwenzeka.
Verse 8: Ngokuba inhloko yase-Aramu iyiDamaseku, nenhloko yeDamaseku inguResini; phakathi kweminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyakwaphulwa angabe esaba yisizwe.
Verse 9: Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya, inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyikuma.’ ”
Verse 10: UJehova waqhubeka ukukhuluma ku-Ahazi, wathi:
Verse 11: “Zicelele isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho, kujule endaweni yabafileyo, noma kuphakame phezulu.”
Verse 12: Kepha u-Ahazi wathi: “Angiyikucela, futhi angiyikumlinga uJehova.”
Verse 13: Wayesethi: “Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?
Verse 14: Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.
Verse 15: Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.
Verse 16: Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.
Verse 17: UJehova uyakuletha phezu kwakho, naphezu kwabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingafikanga kusukela osukwini u-Efrayimi asuka ngalo kwaJuda — yinkosi yase-Asiriya.”
Verse 18: Kuyakuthi ngalolo suku uJehova ahlabele ikhwelo izimpukane ezingasekugcineni kwemifula yaseGibithe nezinyosi ezisezweni lase-Asiriya.
Verse 19: Ziyakufika, ziphumule zonke ezigodini ezineziwa, nasemifantwini yamadwala, nasemahlanzeni onke, nasemadlelweni onke.
Verse 20: Ngalolo suku iNkosi iyakuphucula ngensingo eqashiweyo ngaphesheya koMfula yinkosi yase-Asiriya ikhanda noboya bezinyawo, futhi iyakuqeda nesilevu.
Verse 21: Kuyakuthi ngalolo suku indoda yondle isithole nezimvu ezimbili,
Verse 22: bese kuthi ngobuningi bobisi ezilwehlisayo idle amangqanga, ngokuba amangqanga nezinyosi bayakukudla bonke abasele ezweni.
Verse 23: Kuyakuthi ngalolo suku yonke indawo lapho kukhona imivini eyinkulungwane, elingene nezinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva, ibe ngeyamakhakhasi nameva.
Verse 24: Kuyakuyiwa khona nemicibisholo nomnsalo, ngokuba izwe lonke liyakuba ngamakhakhasi nameva.
Verse 25: Ezintabeni zonke ezilinywa ngegeja akuyikuyiwa khona ngokwesaba amakhakhasi nameva, kepha ziyakuba ngezokuqhubela izinkabi nezokunyathela kwezimvu.