Verse 1: “Thulani phambi kwami nina ziqhingi, izizwe zithole amandla amasha. Mazisondele, andukuba zikhulume, sisondelane ekwahluleleni.
Verse 2: “Ngubani ovusile ukulunga kuphume empumalanga, akubize ukuba kumlandele, anikele izizwe phambi kwakhe, amenze ukuba abuse amakhosi, abenze babe njengothuli ngenkemba yakhe, nanjengamabibi aphephezeliswayo ngomnsalo wakhe, na?
Verse 3: Uyabaxosha, adlule kahle ngezindlela angazihambanga ngezinyawo.
Verse 4: Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na? Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni: mina Jehova engingowokuqala nenginguye nakwabokuphela.”
Verse 5: Iziqhingi ziyakubona, ziyesaba; imikhawulo yomhlaba iyathuthumela; isondele, isifikile.
Verse 6: Yilowo nalowo usiza umakhelwane wakhe; uthi komfowabo: “Yiba nesibindi.”
Verse 7: Umbazi uqunga umkhandi isibindi, nololonga ngesando uqunga oshaya isikhandelo isibindi, ethi ngokunamathelisa: “Kuhle,” ekubethela ngezipikili, funa kunyakaziswe.
Verse 8: “Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,
Verse 9: wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba, ngakubiza emagumbini awo, ngathi kuwe: ‘Wena uyinceku yami,’ ngikukhethile, angikulahlanga;
Verse 10: ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Verse 11: “Bheka, bonke abafuthekela wena bayakuba namahloni, bajabhe; abamelene nawe bayakuba njengento engelutho, babhubhe.
Verse 12: Uyakubafuna, ungabafumani kodwa, labo bantu abaxabana nawe; abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.
Verse 13: Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho obamba isandla sakho sokunene, nothi kuwe: Ungesabi, mina ngiyakusiza.
Verse 14: Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.
Verse 15: “Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhulo esisha esibukhali esinamazinyo; uyakubhula izintaba, uzicolisise, wenze amagquma abe njengamakhoba.
Verse 16: Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse, isivunguvungu siwachithe; wena uyakuthokoza ngoJehova, uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.
Verse 17: “Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho, nolimi lwabo luphele ukoma; mina Jehova ngiyakubaphendula, mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.
Verse 18: Ngiyakuvula imifula emadulini angenalutho nemithombo phakathi kwezigodi; ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi, nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi.
Verse 19: Ngiyakutshala umsedari ehlane, umtholo, nombomvana, nomnqumo, ngibeke kwahlongasibi umsayipuresi, nomthidari, nomkhoba kanyekanye,
Verse 20: ukuze babone, bazi, baqaphele, baqonde kanyekanye ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokhu nokuthi oNgcwele ka-Israyeli wakudala.
Verse 21: “Lethani indaba yenu,” usho uJehova, “nisondeze izizathu zenu,” isho iNkosi kaJakobe.
Verse 22: “Mabazisondeze, basitshele okuyakwenzeka; izinto zakuqala ziyini na? Mabasitshele zona ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu, sazi ukuphela kwazo, noma nisizwise okuzayo.
Verse 23: Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo, sazi ukuthi ningonkulunkulu; yebo, yenzani okuhle noma okubi, simangale, sikubone kanyekanye.
Verse 24: Bhekani, nivela kokungekho, nemisebenzi yenu ayiyinto yalutho; uyisinengiso onikhethileyo.
Verse 25: “Ukhona engimvusile esenyakatho, wafika, nasempumalanga, ukuba abize igama lami; uyakwehlela phezu kwezikhulu njengaphezu kodaka, njengombumbi exova ibumba.
Verse 26: Ngubani owakushoyo kwasekuqaleni ukuba sazi, nangaphambili ukuba sisho sithi: ‘Uqinisile,’ na? Cha, akakho okumemezileyo, akakho nokuzwisileyo, akakho nozwayo amazwi enu.
Verse 27: Ngingowokuqala othi kulo iSiyoni: ‘Bheka, babheke,’ nginike iJerusalema umbiki wendaba ethokozisayo.
Verse 28: Kepha lapho ngibheka, akukho muntu, akakho phakathi kwabo umluleki ongaphendula ngazwi, lapho ngibabuzayo.
Verse 29: Bheka, bayize bonke; imisebenzi yabo ayiyinto yalutho, nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.