Verse 1: Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaJehova yambulelwa bani na?
Verse 2: Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune.
Verse 3: Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.
Verse 4: Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.
Verse 5: Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
Verse 6: Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
Verse 7: Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa, ayivulanga umlomo wayo; njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo.
Verse 8: Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni; ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo, ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?
Verse 9: Babeka ithuna layo kanye nababi; ekufeni yayinabenza okubi, noma ingenzanga indluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo.
Verse 10: Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala, iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.
Verse 11: Ngokuhlupheka komphefumulo wayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.
Verse 12: Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; yathwala nokho izono zabaningi, yakhulekela aboni.