Verse 1: Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.
Verse 2: Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.
Verse 3: Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.
Verse 4: Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.
Verse 5: Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.
Verse 6: Ngokuba ushiyile abantu bakho, indlu kaJakobe, lokhu begcwele ezasempumalanga, behlola imihlola njengamaFilisti, bexhawulana nabantwana babezizwe.
Verse 7: Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide, akukho ukuphela kwengcebo yabo; izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi, nokuphela kwezinqola akukho.
Verse 8: Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe; bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo nakwekwenzileyo iminwe yabo.
Verse 9: Kepha abantu bayakufoliswa, namadoda ayakuthotshiswa; abayikuthethelelwa.
Verse 10: Ngena edwaleni, ucashe othulini ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe.
Verse 11: Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa, nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.
Verse 12: Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe,
Verse 13: naphezu kwayo yonke imisedari yaseLebanoni, emide nephakemeyo, naphezu kwawo onke ama-oki aseBashani,
Verse 14: naphezu kwazo zonke izintaba ezinde, naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo,
Verse 15: naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo, naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo,
Verse 16: naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi, naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo.
Verse 17: Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa, nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku,
Verse 18: ziphele izithombe, zithi nya.
Verse 19: Bayakungena emihumeni yamadwala nasemigodini yomhlaba ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.
Verse 20: Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwo amavukuzi nakuwo amalulwane izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,
Verse 21: ukuze bangene emihumeni yamadwala nasemifantwini yeziwa ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.
Verse 22: Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje, ngokuba babalwa njengantoni na?