Verse 1: Kepha ukuhwelela akuyikuba khona kohluphekayo. Njengesikhathi esidlule senza ukuba kufiliswe izwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali, isikhathi esizayo siyakwenza ukuba ikhazimule indlela yolwandle ngaphesheya kweJordani, isifunda sabezizwe.
Verse 2: Abantu abahamba ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela.
Verse 3: Uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni, njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.
Verse 4: Ngokuba ijoka lomthwalo wabo, nenduku yamahlombe abo, noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.
Verse 5: Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwa nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa, zidliwe ngumlilo. 9:5 AmaH. 46:9.
Verse 6: Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
Verse 7: Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.
Verse 8: INkosi ithume izwi kuJakobe, lehlela kwa-Israyeli.
Verse 9: Bonke abantu bayakwazi, u-Efrayimi nabakhe eSamariya, abasho ekuziphakamiseni kwabo nasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:
Verse 10: “Izitini ziwile, kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo; imithombe igawuliwe, kepha siyakutshala imisedari ezikhundleni zayo.”
Verse 11: UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini, ahlomise abamelene nabo,
Verse 12: i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva, bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.
Verse 13: Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo, futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.
Verse 14: Ngalokho uJehova uyanquma kwa-Israyeli ikhanda nomsila, igatsha lesundu nomhlanga, ngalusuku lunye.
Verse 15: Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.
Verse 16: Ngokuba abahola laba bantu bayabadukisa, nabaholwa yibo bayagwinywa.
Verse 17: Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.
Verse 18: Ngokuba ububi bushisa njengomlilo, buqeda amakhakhasi nameva, buthungela ezihlahleni zamahlathi, zize zifuquke insika yomusi.
Verse 19: Ngentukuthelo kaJehova Sebawoti izwe lishisiwe; abantu bangukudla komlilo, akakho osindisa umfowabo.
Verse 20: Umuntu uyahlwitha ngakwesokunene, abe esalambile nokho, adle ngakwesokhohlo, kepha angasuthi; bayakudla, kube yilowo nalowo inyama yengalo yakhe,
Verse 21: uManase u-Efrayimi, no-Efrayimi uManase, bobabili basukele kanyekanye uJuda; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.