Isaiah - Chapter 66

Verse 1: Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?

Verse 2: Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, kwavela kanjalo konke lokhu,” usho uJehova. “Kepha yilowo engiyakubheka kuye: ohluphekayo nonomoya ochobozekileyo, othuthumela ngezwi lami.

Verse 3: Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu, kepha enikela nangegazi lezingulube, noshisa inhlaka, ebonga nesithombe, yebo, laba bakhethile izindlela zabo, nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.

Verse 4: Ngalokho ngiyakubakhethela izinhlupho, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ekubizeni kwami kwakungekho ophendulayo, nasekukhulumeni kwami abezwanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”

Verse 5: Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bashilo bathi: ‘Makazidumise uJehova ukuba sibone intokozo yenu,’ kepha bona bayakujabha.

Verse 6: Yizwi lomsindo elivela emzini, yizwi lasethempelini! Yizwi likaJehova ephindisela izenzo zezitha zakhe.

Verse 7: “ISiyoni lingakabi namihelo lazala; lingakehlelwa ngubuhlungu labeletha umntwana wesilisa.

Verse 8: Ngubani ozwile okunjalo na? Ngubani obonile okunjengalokhu na? Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa na? Isizwe singabelethwa kanyekanye na? Ngokuba iSiyoni lithe lisenemihelo, lazala abantwana balo.

Verse 9: Mina ngiyakusondeza ekuzalweni ngingazalisi na?” usho uJehova. “Mina engingozalisayo bengiyakuvala na?” usho uNkulunkulu wakho.

Verse 10: “Thokozani kanye neJerusalema, nilethabele nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo nina nonke enilililelayo,

Verse 11: ukuze nincele, naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo, nenyiselwe, nename ngokugcwala kwenkazimulo yalo.”

Verse 12: Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula, nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo, nincele, niphathwe ngezingalo zalo, niwothwe nisemathangeni.

Verse 13: Njengoduduzwa ngunina, kanjalo ngiyakuniduduza nina, niduduzeke eJerusalema.”

Verse 14: Niyakukubona, izinhliziyo zenu zijabule, amathambo enu ahlume njengohlaza; isandla sikaJehova siyakwaziwa ukuthi sisezincekwini zakhe, athukuthelele izitha zakhe.

Verse 15: Ngokuba bheka, uJehova uyakufika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufutheka nokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo.

Verse 16: Ngokuba uJehova uyakwahlulela inyama yonke ngomlilo nangenkemba; ababulawayo nguJehova bayakuba baningi.

Verse 17: “Abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube, nezinengiso, nezimpuku, bayakuphela kanyekanye,” usho uJehova.

Verse 18: “Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.

Verse 19: “Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo, nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami, zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.

Verse 20: Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi, nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokhu abantwana bakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.

Verse 21: Nakubona ngiyakuthatha abapristi namaLevi,” usho uJehova.

Verse 22: “Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” usho uJehova, “kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.

Verse 23: Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye yonke inyama iyakufika ukukhuleka phambi kwami,” usho uJehova.

Verse 24: “Bayakuphuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi, ngokuba impethu yabo ayiyikufa nomlilo wabo awuyikucima, babe yisinengiso kuyo yonke inyama.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories