Isaiah - Chapter 13

Verse 1: Isiprofetho ngeBabele asibonayo u-Isaya indodana ka-Amose.

Verse 2: Misani ibhanela entabeni elucwatha, nibaphakamisele izwi, nibaqhwebe ngezandla ukuba bangene emasangweni abakhulu.

Verse 3: Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami, yebo, ngibizele amaqhawe ami okwentukuthelo yami, bona labo abami abajabula ngokuziqhenya.

Verse 4: Umsindo wesixuku ezintabeni kungathi ngowabantu abaningi! Umsindo wokuxokozela kwemibuso yabezizwe ihlangene! UJehova Sebawoti uyabutha impi yakhe.

Verse 5: Bavela ezweni elikude nasekugcineni kwezulu uJehova nezikhali zentukuthelo yakhe, ukuba bachithe umhlaba wonke.

Verse 6: Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.

Verse 7: Ngalokho izandla zonke ziyadangala, nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.

Verse 8: Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu, bazibinya njengababelethayo. Babhekana omunye nomunye bemangala. Ubuso babo bungubuso bamalangabi.

Verse 9: Bheka, usuku lukaJehova luyeza, lunonya, lunokufutheka, lunokuvutha kolaka, ukuba lwenz'ize umhlaba, luchithe izoni zawo kuwo.

Verse 10: Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazo akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.

Verse 11: Ngiyakulijezisa izwe ngobubi balo, nababi ngezono zabo, ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo, ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli.

Verse 12: Ngiyakwenza umuntu abe yigugu kunegolide elihle, yebo, umuntukazana kunegolide elicwengekileyo.

Verse 13: Ngalokho ngiyakuzamazamisa izulu, umhlaba unyakaziswe endaweni yawo, ngentukuthelo kaJehova Sebawoti ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe.

Verse 14: Kuyakuthi njengensephe exoshwayo nezimvu ezingaqoqwa muntu, baphendukele, kube yilowo nalowo kubantu bakubo, babalekele, kube yilowo ezweni lakubo.

Verse 15: Bonke abatholwayo bayakugwazwa, nabo bonke ababanjwayo bayakuwa ngenkemba.

Verse 16: Izingane zabo ziyakuchotshozwa emehlweni abo, izindlu zabo ziphangwe, omkabo baphoqwe.

Verse 17: Bhekani, ngiyakubavusela amaMede angayikunaka isiliva, negolide angathokozi ngalo.

Verse 18: Iminsalo iyakuwisa phansi izinsizwa zabo; abayikuhawukela isithelo esisesizalweni, amehlo abo angabi nasihe kubantwana.

Verse 19: IBabele, umhlobiso wemibuso, isivunulo sokuzikhukhumeza kwamaKaledi, liyakuba njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.

Verse 20: Alisoze labuye lakhiwa, akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane; umArabiya akayikumisa khona, nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.

Verse 21: Kepha izilwane zasehlane ziyakubuthisa khona, nezindlu zalo ziyakugcwala izikhova; kuyakuhlala lapho izintshe, namademoni ayakungqabashiya khona.

Verse 22: Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo, namakhanka ezindlini zamakhosi; siseduze ukufika isikhathi salo, nezinsuku zalo aziyikwandiswa.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories