Verse 1: Ngubani lona ovela kwa-Edomi enezingubo ezibomvu zakwaBosira, lona ohlobile ngezambatho zakhe ehamba ngobukhulu bamandla akhe, na? “Yimi engikhuluma ngokulunga nenginamandla okusindisa.”
Verse 2: Kungani ukuba izambatho zakho zibomvu, nezingubo zakho zinjengezonyathela esikhamweni sewayini, na?
Verse 3: “Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami, ngazingcolisa zonke izambatho zami.
Verse 4: Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.
Verse 5: Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo; ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nokufutheka kwami kwangisekela.
Verse 6: Ngase nginyathela abantu ngentukuthelo yami, ngabachoboza ngokufutheka kwami, ngathululela phansi igazi labo.”
Verse 7: Ngiyakubonga umusa kaJehova, ngimdumise uJehova ngakho konke uJehova asenzele khona, nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli ayisebenzele khona ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.
Verse 8: Wathi: “Nempela bangabantu bami, abantwana abangakhohlisi,” waba ngumsindisi wabo.
Verse 9: Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.
Verse 10: Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
Verse 11: Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: Uphi yena owabakhipha elwandle kanye nabelusi bomhlambi wakhe, na? Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,
Verse 12: owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo ihambe ngakwesokunene sikaMose, owahlukanisa amanzi phambi kwabo ukuba azenzele igama eliphakade;
Verse 13: owabadabulisa elwandle njengehhashi ehlane, ukuze bangakhubeki, na?
Verse 14: Njengezinkomo ezehlela esigodini uMoya kaJehova wabaphumuza. Wahola kanjalo abantu bakho ukuba uzenzele igama elimangalisayo.
Verse 15: Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.
Verse 16: Ngokuba wena unguBaba; ngokuba u-Abrahama akasazi, no-Israyeli akasivumi. Wena Jehova unguBaba; igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.
Verse 17: Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho, uzenze lukhuni izinhliziyo zethu zingakwesabi, na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.
Verse 18: Abantu bakho abangcwele balidla ifa isikhashana nje; izitha zethu zinyathele phansi indlu yakho engcwele.
Verse 19: Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngegama lakho.