Isaiah - Chapter 32

Verse 1: Bheka, kuyakuba khona inkosi ebusa ngokulunga, izikhulu zibuse ngokwahlulela.

Verse 2: Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.

Verse 3: Amehlo ababonayo awayikuphuphutheka; izindlebe zabezwayo ziyakulalela.

Verse 4: Inhliziyo yephulukundlu iyakuqonda, ize ikwazi, nolimi lwezingingingi luyakushesha lukhulume kahle.

Verse 5: Isiwula asisayikubizwa ngokuthi sihloniphekile, nomkhohlisi akasayikuthiwa inkosi.

Verse 6: Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula, nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu, ikhulume okuphambene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe nephango, nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.

Verse 7: Izikhali zomkhohlisi zimbi; uhlela amacebo amabi, ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga, nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.

Verse 8: Onesizotha uceba okuzothileyo, nangokuzotha kwakhe uyakuma.

Verse 9: Vukani nina besifazane abazinzileyo, nizwe izwi lami; nina madodakazi azethembayo nibeke indlebe ekukhulumeni kwami.

Verse 10: Ezinsukwini ezidlula umnyaka niyakuhlushwa nina besifazane abazethembayo, ngokuba ukuvuna kwemivini kuyakuphela, nokubutha akuyikufika.

Verse 11: Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo; khumulani nizenze nqunu, nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.

Verse 12: Zishayeni esifubeni ngenxa yamasimu amahle nemivini ethelayo.

Verse 13: Emhlabathini wabantu bami kuyakumila amakhakhasi nameva, yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo,

Verse 14: ngokuba izindlu zamakhosi zilahliwe, nomuzi onabantu abaningi ushiyiwe; igquma nombhoshongo kuyakuba yimihume kuze kube phakade, nenjabulo yezimbongolo zasendle, nedlelo lemihlambi,

Verse 15: uMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu, nehlane liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi.

Verse 16: Ukwahlulela kuyakwakha ehlane, ukulunga kuhlale ensimini.

Verse 17: Umsebenzi wokulunga uyakuba ngukuthula, impumelelo yokulunga ibe ngukulondeka kuze kube phakade.

Verse 18: Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.

Verse 19: Liyakuwisa isichotho, lize liwe ihlathi, nomuzi uyakuthotshiswa nokuthotshiswa.

Verse 20: Nibusisiwe nina enitshala ngasemanzini onke; nikhulula izinyawo zezinkabi nezezimbongolo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories