Verse 1: Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayikungena kuwe ongasokile nongcolileyo.
Verse 2: Zithintithe uthuli, usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo; zikhulule eziboshweni zentamo yakho wena ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.
Verse 3: Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Nathengiswa ngento engelutho; niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.”
Verse 4: Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Abantu bami behlela kuqala eGibithe ukuba bagogobale khona; i-Asiriya lamcindezela ngaphandle kwesizathu.
Verse 5: “Manje nginantoni lapha,” usho uJehova, “lapho abantu bami besusiwe ngeze na? Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa,” usho uJehova, “negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.
Verse 6: Ngalokho abantu bami bayakulazi igama lami; ngalokho bayakuqonda ngalolo suku ukuthi yimi engikhulumileyo; bhekani, ngilapha.”
Verse 7: Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, nomemezela ukuthula, obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyinkosi.”
Verse 8: Izwi labalindi bakho, bayaliphakamisa izwi, bajabule kanyekanye, ngokuba bayakubona iso neso, lapho uJehova ebuyela eSiyoni.
Verse 9: Qhumukani ngokuhlabelela, nihlabelele kanyekanye, nina zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.
Verse 10: UJehova wambulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, namajukujuku onke omhlaba ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.
Verse 11: Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.
Verse 12: Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha, ningahambi ngokubaleka, ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu, noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.
Verse 13: Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle; iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.
Verse 14: Njengalokhu abaningi bamangala ngayo ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo kunesamadodana abantu
Verse 15: kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.