Psalms - Chapter 116

Verse 1: Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.

Verse 2: Ngokuba ubekile indlebe kimi ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.

Verse 3: Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi.

Verse 4: Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, khulula umphefumulo wami.”

Verse 5: Unomusa uJehova, ulungile; uNkulunkulu wethu unobubele.

Verse 6: UJehova uyalondoloza ongenabuqili; ngithotshisiwe phansi wangisindisa.

Verse 7: Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami, ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.

Verse 8: Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.

Verse 9: Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.

Verse 10: Ngiyakholwa, ngalokho ngiyakhuluma; ngahlushwa kakhulu.

Verse 11: Ngathi osizini lwami: “Bonke abantu banamanga.”

Verse 12: Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?

Verse 13: Ngiyakuthatha indebe yensindiso, ngibize igama likaJehova.

Verse 14: Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa, yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke.

Verse 15: Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabangcwele bakhe.

Verse 16: Ngiyinceku yakho impela, Jehova; ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho; uthukululile izintambo zami.

Verse 17: Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaJehova.

Verse 18: Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke,

Verse 19: emagcekeni endlu kaJehova, phakathi kwakho, Jerusalema. Haleluya!

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories