Verse 1: Ihubo likaDavide ebalekela u-Abisalomu indodana yakhe. Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.
Verse 2: Baningi abathi emphefumulweni wami: “Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela
Verse 3: Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.
Verse 4: Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela
Verse 5: Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.
Verse 6: Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile nxazonke.
Verse 7: Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.
Verse 8: Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela