Verse 1: Hlabelelani kuJehova ihubo elisha, nihlabelele kuJehova, mhlaba wonke.
Verse 2: Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
Verse 3: Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
Verse 4: Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
Verse 5: Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu.
Verse 6: Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.
Verse 7: Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla.
Verse 8: Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.
Verse 9: Khulekani kuJehova, nihlobe ubungcwele; thuthumela ebusweni bakhe, mhlaba wonke.
Verse 10: Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,” izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.
Verse 11: Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.
Verse 12: Mawename amasimu nakho konke okukuwo, ijabule imithi yonke yehlathi
Verse 13: ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.