Verse 1: ElikaDavide. Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela.
Verse 2: Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.
Verse 3: Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.
Verse 4: Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga, Jehova, lapho ezwile amazwi omlomo wakho.
Verse 5: Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova, ngokuba inkulu inkazimulo kaJehova.
Verse 6: Ngokuba noma uJehova ephakeme, uyanakekela nokho ophansi; uyamazi ozidlayo ekude.
Verse 7: Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.
Verse 8: UJehova uyakufeza okwami; Jehova, umusa wakho umi phakade; ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.