Verse 1: Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Verse 2: Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Verse 3: Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade;
Verse 4: yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 5: owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 6: owendlala umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 7: owenza izinkanyiso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 8: ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 9: inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 10: owalishaya iGibithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 11: owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 12: ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 13: owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 14: owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 15: owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 16: owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 17: owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 18: owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 19: uSihoni inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 20: no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 21: owanika izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 22: laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 23: owasikhumbula sisephansi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 24: owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Verse 25: onika inyama yonke ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Verse 26: Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.