Psalms - Chapter 86

Verse 1: Umkhuleko kaDavide. Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule, ngokuba ngilusizi, ngimpofu.

Verse 2: Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho; wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.

Verse 3: Yiba nomusa kimi, Nkosi, ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.

Verse 4: Thokozisa umphefumulo wenceku yakho, ngokuba kuwena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.

Verse 5: Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.

Verse 6: Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami, ulalele izwi lokunxusa kwami.

Verse 7: Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe, ngokuba uzakungiphendula.

Verse 8: Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho.

Verse 9: Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.

Verse 10: Ngokuba umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa.

Verse 11: Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.

Verse 12: Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yonke yami, ngidumise igama lakho kuze kube phakade.

Verse 13: Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami, ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.

Verse 14: Nkulunkulu, izideleli zingivukele, ibandla lezidlwangudlwangu lifuna umphefumulo wami; azibekanga wena phambi kwazo.

Verse 15: Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.

Verse 16: Phendukela kimi, ube nomusa kimi, uyiphe inceku yakho amandla akho, usindise indodana yencekukazi yakho.

Verse 17: Ngenzele isiboniselo sokuhle, ukuze abangizondayo babone, bajabhe, ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories