Psalms - Chapter 30

Verse 1: Ihubo. Igama lokuvula indlu. ElikaDavide. Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.

Verse 2: Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa.

Verse 3: Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.

Verse 4: Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele.

Verse 5: Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.

Verse 6: Mina ngithe ekubuseni kwami: Angisoze nganyakaziswa naphakade.

Verse 7: Jehova, ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami; wabufihla ubuso bakho, ngase ngithuthumela.

Verse 8: Ngakhala kuwe Jehova; nganxusa kuJehova, ngathi:

Verse 9: “Kukhona nzuzoni egazini lami nasekushoneni kwami egebeni na? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na?

Verse 10: Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi; Jehova, yiba ngumsizi wami.”

Verse 11: Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula,

Verse 12: ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories