Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo. Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa. 47:1 AmaH. 66:1.
Verse 2: Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke. 47:2 Zak. 14:9; Mal. 1:14.
Verse 3: Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu. 47:3 AmaH. 18:48.
Verse 4: Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela
Verse 5: UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo. 47:5 AmaH. 68:18.
Verse 6: Hubelani uNkulunkulu, hubani! Hubelani iNkosi yethu, hubani!
Verse 7: Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke; hubani ihubo!
Verse 8: UNkulunkulu uyabusa izizwe; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi. 47:8 AmaH. 22:28.
Verse 9: Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.