Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami ekukhaleni kwami, ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha.
Verse 2: Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi,
Verse 3: abalola ulimi lwabo njengenkemba, bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo
Verse 4: ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha, bamdubule ngokuzuma bengesabi.
Verse 5: Baqinela icebo elibi; bakhuluma ngokufihla izingibe; bathi: “Ngubani oyakusibona na?”
Verse 6: Basongoza izenzo ezimbi, bathi: “Siliqedile icebo elisongoziweyo,” izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.
Verse 7: Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo; bagwazwe ngokuzunywa.
Verse 8: Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo; bonke abababonayo bayonikina ikhanda.
Verse 9: Bonke abantu bayashaywa luvalo; bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu, baqonde akwenzileyo.
Verse 10: Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.