Verse 1: Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda. Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.
Verse 2: Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.
Verse 3: Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa.
Verse 4: Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.
Verse 5: Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,
Verse 6: Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.
Verse 7: Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.
Verse 8: Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.
Verse 9: Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulala bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.
Verse 10: Bayakunikelwa esandleni senkemba, babe yisabelo sezimpungushe.
Verse 11: Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.