Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Igama. Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni, nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.
Verse 2: Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.
Verse 3: Izenzo ezimbi zangahlula; iziphambeko zethu uyaziyekela.
Verse 4: Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele.
Verse 5: Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu, wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude;
Verse 6: yena omisa izintaba ngamandla akhe, obhince amandla;
Verse 7: othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.
Verse 8: Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho; uyethabisa impumalanga nentshonalanga.
Verse 9: Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu; umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi; ubalungisela abantu ukudla, ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba.
Verse 10: Umatisa imisele yawo, ulalisa amasoyi awo; uwuthambisa ngezihlambi, ubusise okumila kuwo.
Verse 11: Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho, nemikhondo yakho iconsa amafutha.
Verse 12: Amadlelo asehlane ayaconsa; amagquma abhinca injabulo.
Verse 13: Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngamabele; konke kuyajabula, kuhlabelele.