Psalms - Chapter 56

Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ijuba elithulayo emajukujukwini. ElikaDavide. IMiktamu, ekubanjweni kwakhe ngamaFilisti eGati. Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwinya; usuku lonke bayangicindezela belwa.

Verse 2: Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla. 56:2 AmaH. 3:1.

Verse 3: Mhla ngesabayo ngiyakwethemba wena.

Verse 4: KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na? 56:4 2 IziKr. 32:8; Jer. 17:5; Heb. 13:6.

Verse 5: Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke; yonke imicabango yabo iqonde ukungona.

Verse 6: Bayabuthana, baqamekele, baqaphele izinyathelo zami, njengokuba beqamekela umphefumulo wami.

Verse 7: Bayakuphunyuka yini ebubini babo na? Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu. 56:7 AmaH. 59:5,13.

Verse 8: Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na? 56:8 Mal. 3:16.

Verse 9: Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.

Verse 10: KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi; kuJehova ngiyakulidumisa izwi.

Verse 11: Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na? 56:11 AmaH. 118:6.

Verse 12: Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami; ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga. 56:12 AmaH. 66:12.

Verse 13: Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni nezinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories