Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Elika-Asafa. Halalisani uNkulunkulu amandla ethu, nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.
Verse 2: Hlabani ihubo, nithathe isigubhu nehabhu elihle nogubhu.
Verse 3: Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.
Verse 4: Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.
Verse 5: Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe. Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:
Verse 6: “Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.
Verse 7: Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela
Verse 8: “Zwanini, bantu bami, ngizakufakaza kini ukuthi: O Israyeli, sengathi ungangilalela!
Verse 9: Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye, ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.
Verse 10: Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.
Verse 11: “Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami, u-Israyeli akanginakanga.
Verse 12: Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.
Verse 13: “Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.
Verse 14: Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo, ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.
Verse 15: Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye, kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.
Verse 16: Ubeyakubapha ukolweni omuhle; yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”