Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. NgeSheminti. Ihubo likaDavide. Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.
Verse 2: Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngidangele; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,
Verse 3: nomphefumulo wami uyathuthumela, kepha wena Jehova, koze kube nini na?
Verse 4: Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho.
Verse 5: Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?
Verse 6: Ngikhathele ukububula kwami; ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku, ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
Verse 7: Iso lami liyafiphala ngokudabuka; liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.
Verse 8: Dedani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;
Verse 9: uJehova uzwile ukunxusa kwami, uJehova uyamukela umkhuleko wami.
Verse 10: Zonke izitha zami ziyakujabha, zishaywe luvalo; ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.