Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Elamadodana kaKora. Ihubo. Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.
Verse 2: Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.
Verse 3: Ngokuba umzwilili ufumene indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ibeka khona amazinyane ayo, ngisho ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.
Verse 4: Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela
Verse 5: Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.
Verse 6: Bedabula imfunda yezinyembezi bayenza ibe yindawo yeziphethu; yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.
Verse 7: Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.
Verse 8: Jehova Nkulunkulu Sebawoti, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela
Verse 9: Wena Nkulunkulu, siHlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.
Verse 10: Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.
Verse 11: Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
Verse 12: Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.