Verse 1: ElikaDavide. Ihubo. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.
Verse 2: Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula.
Verse 3: Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?
Verse 4: Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso.
Verse 5: Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.
Verse 6: Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo; bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe. Sela
Verse 7: Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.
Verse 8: Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguJehova onamandla, oyiqhawe, uJehova oyiqhawe lokulwa.
Verse 9: Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.
Verse 10: Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? UJehova Sebawoti nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela