Verse 1: Haleluya! Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise kweliphezulu.
Verse 2: Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe onke.
Verse 3: Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.
Verse 4: Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu.
Verse 5: Makuthathe kudumise igama likaJehova, ngokuba wayaleza, kwadaleka.
Verse 6: Futhi wakumisa kuze kube phakade; washaya umthetho ongenakweqiwa.
Verse 7: Mdumiseni uJehova emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke,
Verse 8: nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,
Verse 9: nani zintaba namagquma onke, nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,
Verse 10: nani zilwane nezinkomo zonke, nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,
Verse 11: nani makhosi omhlaba nabantu bonke, nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,
Verse 12: nani zinsizwa nezintombi, nani maxhegu nabafana.
Verse 13: Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
Verse 14: Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe, abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye. Haleluya!