Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo. Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.
Verse 2: Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe.
Verse 3: Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.
Verse 4: Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela
Verse 5: Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.
Verse 6: Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.
Verse 7: Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela
Verse 8: Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe
Verse 9: ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.
Verse 10: Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.
Verse 11: Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.
Verse 12: Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni.
Verse 13: Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami
Verse 14: ezaphinyiselwa yizindebe zami, zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.
Verse 15: Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela
Verse 16: Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.
Verse 17: Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.
Verse 18: Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi.
Verse 19: Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami.
Verse 20: Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.