Verse 1: Igama. Ihubo lamadodana kaKora. Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati Leyanoti. IMaskili likaHemani umEzra. Jehova Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.
Verse 2: Umkhuleko wami mawufike ebusweni bakho, indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami.
Verse 3: Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.
Verse 4: Ngibalwa kanye nabashona emgodini, nginjengomuntu ofileyo.
Verse 5: Icansi lami liphakathi kwabafileyo; nginjengababuleweyo abalele ethuneni, ongasabakhumbuli, benqunyiwe esandleni sakho.
Verse 6: Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke, ebumnyameni, otweni.
Verse 7: Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela
Verse 8: Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.
Verse 9: Iso lami liyafa ngosizi; ngikhala kuwe Jehova imihla yonke, ngizelulela izandla zami kuwe.
Verse 10: Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na? Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela
Verse 11: Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho, nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?
Verse 12: Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni, nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?
Verse 13: Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe; ekuseni umkhuleko wami uyenyuka phambi kwakho.
Verse 14: Jehova, ulahlelani umphefumulo wami, ungifihlelelani ubuso bakho na?
Verse 15: Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami; ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.
Verse 16: Ulaka lwakho olushisayo lungehlele; ukwesabisa kwakho kungiqedile.
Verse 17: Kungizungeza njengamanzi imihla yonke, kungikaka kanyekanye.
Verse 18: Isihlobo nomngane ubaxoshele kude; ubumnyama bungumhlobo wami.