Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa. Igama. UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
Verse 2: Itabernakele lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.
Verse 3: Waphula lapho imicibisholo yomnsalo, nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela
Verse 4: Uyakhazimula ngobukhosi, lapho uvela ezintabeni zempango.
Verse 5: Bachithekile abaqinile ngenhliziyo, balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
Verse 6: Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.
Verse 7: Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?
Verse 8: Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula
Verse 9: mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela
Verse 10: Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.
Verse 11: Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.
Verse 12: Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.