Verse 1: Nkulunkulu wempindiselo, Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.
Verse 2: Phakama, Mahluleli womhlaba, uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.
Verse 3: Jehova, koze kube nini ababi, koze kube nini ababi bethaba na?
Verse 4: Bayampompoza, bakhuluma amagangangozi; bayazidla bonke abenza okubi.
Verse 5: Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza, nefa lakho balinyathela phansi.
Verse 6: Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi, nezintandane bayazibulala.
Verse 7: Bathi: “UJehova akaboni, uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”
Verse 8: Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu; nani ziwula, niyakuqonda nini na?
Verse 9: Owenza indlebe kanakuzwa na? Owadala iso kanakubona na?
Verse 10: Othethisa abezizwe, yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?
Verse 11: UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.
Verse 12: Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo, omfundisayo ngomthetho wakho,
Verse 13: wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi, aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho.
Verse 14: Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe, nefa lakhe akayikulishiya.
Verse 15: Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni, bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.
Verse 16: Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?
Verse 17: Uma uJehova ebengesilo usizo lwami, umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.
Verse 18: Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.
Verse 19: Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.
Verse 20: Isihlalo sobubi singahlanganyela nawe yini, leso esisebenza okubi kungathi ngomthetho na?
Verse 21: Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo; igazi elingenacala bayalilahla.
Verse 22: Kepha uJehova waba yinqaba yami, uNkulunkulu wami waba yiwa engiphephela kulo.
Verse 23: Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo, abaqede ngobubi babo; uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.